| QUOTE |
| ukusukela kuleso sikhathi ungayibukeli nakhu okwenzeka: omunye waya komunye bafike bahlala bakhuluma babuye bahleka omunye wathi Hhayi! uhleka kamnandi wethu! ongifundisa nami ukuhleka njengawe. khonamanjalo abanye balwa babambana ngezandla kwaba isibhudubhudu bazebaphumela ngaphandle kumabonakude bawela ikameleni lami, lokho kwangidumaza kakhulu kwaze kwaholela ekutheni ngibatshele ukuthi hey! musani ukuzolwela la! akuyona inkundla yokulwa le, ngabacela ukuthi babuyele emuva kumabonakude ngabathatha ngabahlohlela emuva ngavala umabonakude ngesabela ukuthi bazophinde babuye bangifice ngidunusile ngilele maqede bahleke ngami. |