Full Version : Izongena
izn >>General discussion >>Izongena


Sibusiso Mbokazi- 04-22-2008
maduzane izongena incwadi eposini eshoyo ukuthi woza Mbokazi uzolanda inqolobane yakho, ngisho angisakwazi nokulala sengilala ngasolinye ngidunusile ngicuphile ngilinde ukuba ingene incwadi eposini.

ngizosho uma isifikile kodwa ngiyacabanga ngoba ibuya kude le, hleze mhlawumbe ifike ikhathele inqolobane yami kodwa akuhluphi ngizoyiphakela ukudla qede ngigibele phezu kwayo ngiyifunde ngoba kungenzeka ukuthi kuyicala ukufunda incwadi ekhathele ingakaphumuli nakuphumula.

Ciaa- 04-22-2008
hhawu, ima isazofika lencwadi yakho?

eyami cishe inamasonto amabili yafika, sengiyifunde ngayifunda...

it's all about timing Mbokazi...

---Ciaa.

nqina dlamini- 04-23-2008
Woshi!!
Naze naziphatha kabi bantu ndini.
Kunini ngibuza ukuthi itholakalaphi lencwadi.
Impela niyancishana ngolwazi.
Sengathi ingafika inamakhasi angaphelele eyakho weMbokazi.

Sibusiso Mbokazi- 04-23-2008
phephisa Dlamini mtakababa ungayithola e-Exclusive Books okanye eShuter & Shooter kodwa kumele ubenesineke ngoba kumele iwele imifula amawa izintaba imigwaqo othelawayeka ukuze ifike kuwe.

Sibusiso Mbokazi- 05-05-2008
cha! bafowethu nani odadewethu isize yafika inqolobane yami.

Ciaa- 05-05-2008
halala!!!

---Ciaa.

nqina dlamini- 05-06-2008
Mxi!! tongue.gif

Sibusiso Mbokazi- 05-06-2008
QUOTE (nqina dlamini @ May 06, 2008 06:34 am)
Mxi!! tongue.gif

ifika nini wena eyakho Dlamini?

ngigqugquzela wonke umuntu ukuba ayithenge leyo ncwadi ngoba iqukethe lukhulu esingakuzuza futhi sikwenze igugu letho kanye nenfihlo yethu, iyafundisa isizukulwane esilahlekileyo okuningi.



Forumer™ is Voted #1 Free Forum Hosting provider
Build your own community today with the largest message board hosting company.