Full Version : Musa Ukuzibukela Phansi
izn >>General discussion >>Musa Ukuzibukela Phansi


Sibusiso Mbokazi- 05-22-2008
ebuningini besikhathi umuntu uzithola ezenyeza kakhulu ecabanga ukuthi angefinyeleli ekuphetheni into okanye ukufinyelela esigabeni esithile. Engizama ukukusho bafowethu ukuthi umuntu akazigqugquzeli ngokwanele uvele acabange ukuthi angeke afike lapho okanye kuyothi lapho ehluleka khona abantu bazohleka ngaye maqede anqume nenhliziyo kanye nangengqondo ukuthi vele kunjengoba kungenjalo. Kuyadingeka ukuthi wena ungumuntu uzihlole ilingaphakathi lakho ulwe nalo ngoba iningi ithalente onayo kodwa ubuswa uvalo ungenwe amanzi emadolweni ucindezele konge okuhle onakho kugcine sekulivindi kungasabonakali.

Angithi khumu, ngizobuya kodwa ngicela nibeke nani ukuthi nilibonakanjani loludaba.


nobuhle- 05-26-2008
sanibonani
ngiyavumelana nawe Mbokazi isilungi sithi "fear of failure is the biggest failure" uyabona uma uzitshelile ukuthi angeke uphumelele usuke uzigwebe wena mathupa uyabona uma utshala inegativity uvuna yona ngokuphindaphindiwe.

ngiyema lapho nibe nosuku olumyoli

Forumer™ is Voted #1 Free Forum Hosting provider
Build your own community today with the largest message board hosting company.