Full Version : Translate One Line Please
izn >>General discussion >>Translate One Line Please


nobuhlesibusiso- 07-09-2008
I have one line I am attempting to translate into Zulu. The line is

"in the manifested presence of God".
Using the isiZulu.net search engine, I couldn't find a word for manifested, so I replaced that word with revealed. I couldn't find a word that seemed reflect His presence either so I subsistuted the line to read:

"in the revealed face of God".

This is what I came up with:

"Vezeni ubuso amakosi"

Since I know next to nothing about sentence structure, I'm feeling that I'm destroying an otherwise beautiful language. Can someone help me with this translation,, pleeeeeeaaaasssseeee???? dry.gif

ngiyabong kakhulu, bazalwane!

Mshengu- 07-10-2008
Manifest = reveal, show, display, exhibit v.

ekubonakalisweni

Sibusiso Mbokazi- 07-10-2008
siyabonga mzalwane Mshengu! ibandla lethu selizovuka manje ngemuva kokubuya kukamfudisi uMbokazi ekudingisweni biggrin.gif

bengisathe ukuvakasha kancane ngokwengqondo kodwa manje ngibona sengathi ngeluleme okusho kona ukuthi kwasuka lokho biggrin.gif

nobuhle- 07-15-2008
ninjani kodwa?


mina ngidla ukuba busy ngihlangane nomuntu othi wayeyisinqanda mathe sika Mshengu(uMfundisi omkhulu) ngicishe ngawa phansi.

Mbokazi wami ocwebezelayo unjani kodwa?

Mshengu- 07-16-2008
Nobuhle, musa ukwenza okungacwebileyo. ohmy.gif Yini manje lena oyitshela isigungu. ohmy.gif ohmy.gif Sengichazele nje ngalomlungu... huh.gif Besingathandani. ohmy.gif Besingabangani nje kwaphela. biggrin.gif Futhi engathi lomlungu udlala ngawe manje. wink.gif

Lamagama akho aneziswana maDlamini... mad.gif Ngicela ushintshe bandla. Mbokazi, ake ngihlongoze isiguqo khona sizommbeka izandla ekhanda umaDlamini mhlawumbe lelidimoni elimmbambile lizophuma. blink.gif

biggrin.gif biggrin.gif biggrin.gif

nobuhle- 08-08-2008
sanibonani

udla ngami kanjani umlungu Mshengu?

Mshengu- 08-14-2008
mad.gif Kunesiphukuphuku la mad.gif

Sibusiso Mbokazi- 08-14-2008
QUOTE (Mshengu @ August 14, 2008 11:07 am)
mad.gif Kunesiphukuphuku la mad.gif

musani ukudumaza uMshengu ngiyanicela, phela uMshengu unguphumasilwe, angashintsha esithubeni ajike athukuthele angasadle nkobe zamuntu akhiphe isikwili nobhoko ajoje umuntu ngomkhonto qede sigcine singenawo amalunga anele. Nginithanda nonke ngakhoke musani ukujivaza elinye ilunga, akuthule ebandleni ngiyanicela.

Mshengu- 08-14-2008
Mfundisi Mbokazi, besengicijile impela. Sengizohlonipha wena mfowethu. biggrin.gif Kodwa uma ngiqale ngicabanga lesisidwanyampuphu, ngizwa kusiphuka nezinwele zobhozo impela mad.gif . Kodwa ke,sekwenele. cool.gif

biggrin.gif biggrin.gif biggrin.gif

Sibusiso Mbokazi- 08-14-2008
Cha Mshengu ndoda yamadoda hlala usungasaqedeli ukulola ume khona lapho ngoba uma ungaqedela kuzonuka itshe lentaba biggrin.gif kumoshakale impela, yehlisa umoya wakho uzothe ube nokuthula ngoba kuhle ukuthula futhi kuyathandeka, yebo ngiyazi ukuthi inhliziyo ayiphakelwa futhi asifani singewona amazinyo ngakhoke hlanganani bazalwane kwasho uJesu kubafundi bakhe, ngakhoke ibani nyanda yinye sifunde sifundisane ngoba iyona ndaba esize ngayo la ekhaya.

Mshengu- 08-17-2008
Kulungile Mbokazi biggrin.gif

biggrin.gif biggrin.gif biggrin.gif

Forumer™ is Voted #1 Free Forum Hosting provider
Build your own community today with the largest message board hosting company.