Full Version : Uhambile Udj S'bu Okhozini
izn >>General discussion >>Uhambile Udj S'bu Okhozini


Sibusiso Mbokazi- 03-28-2008
uhambile madoda uDJ S'bu oKhozini. Ngiyazi ukuthi abanye benu babengahambisani naye. Mina ngithande ubuningi bezinto azenzayo noshintsho alulethayo oKhozini.

ngimulangazelela ikusasa elihle akwaziwa kodwa ukuthi ubani ozovala isikhala sakhe.


nqina dlamini- 03-28-2008
Awu cha ngimfisela inhlanhla lapho eyakhona.
Kodwa angeke ngimkhumbule biggrin.gif biggrin.gif

Ciaa- 03-31-2008
udaba olung'phathe kabi isikhathi esithi masibe side lolo. phela bekungeyona into engiyilindele ukuhamba kwakhe.

isikhala sake sesizothathwa uMr Magic bebambisene naye uMaZungu. esakhe uLinda noZama ntambama sizovalwa uS'gqemeza no Mroza.

ngicabanga ukubuyela kwaMetro FM. sad.gif

---Ciaa.

Sibusiso Mbokazi- 03-31-2008
cha! cha! cha! Ciaa musa ukushiya uKhozi, ushintsho luhle ngesinye isikhathi. Mina bobalili abasakazi ngiyabethemba futhi ngiyabathanda ngisho uSotobe beno Mbatha anginayo inkinga ngabo ngoba ngithanda indlela abaqhuba ngayo inhlelo zabo.

uSbu yena ngizomkhumbula. Ngiyamangala ukuthi uMshengu wathula kangaka pho! yini indaba.

nobuhle- 03-31-2008
nami ngimufisela inhlanhla kodwa i will not him at all----ubemane akhulume isizulu esingekho kuthi ngiqhume

ninjani kodwa bazalwane?

nobuhle- 03-31-2008
uMshengu ngizwe sengathi uyobika isisu le e Venda,angikwazi ukukhohlakala okunje.

Sibusiso Mbokazi- 03-31-2008
kuyacaca ukuthi ebezondwa uSbu kodwa engingakusho ukuthi babuye nayo indondo kaMzansi Stars.

ngiyema lapho

Akwande biggrin.gif


Ciaa- 04-01-2008
engabe uphezukwani manje umfokaLeope.
mhlawumbe nje sekuyisikhathi sokuthi ngimvakashele ke sibonisane ngeqhaza esingalibamba sobabili emphakathini nasebhizinisini...


---Ciaa.

Forumer™ is Voted #1 Free Forum Hosting provider
Build your own community today with the largest message board hosting company.