Full Version : Ukubingelela
izn >>General discussion >>Ukubingelela


sbosh- 03-19-2008
sanibonani

njengomuntu/ ingane yalapha eningizimu Afrika, ngiphatheka kabi uma ngibona elihle kangaka likaMthaniya lifa. Ngiphatheka kabuhlungu uma ngihamba noma ngigibele ilift (elevator), kungene umuntu ahluleke ukubingelela, kepha uma kungena undlebezikhany' ilanga athi HI- okungenani, ngiphathwa ngamahloni indlela thina sizwe esimpisholo esiziphatha ngayo, ingathi imfundiso iyasidida. mad.gif mad.gif

uyazi ngokubingelela nje kuphela ungenza umuntu azizwe ebalulekile emphakathini, azizwe engumuntu noma ebejabhe kangakanani. iyephi inhlonipho zwe lakithi. Bafwethu bengicela sisizaneni sigqugquzelaneni ukuthi sibingelelane, into elula, awukhokhi, futhi angeke ushodelwe yilutho. ukubingelela kuqala ubudlelwane, ngisho umuntu simkhumbula ngakho " oh! usho lo ongabingeleli", asisho ukuthi " lo ofunde kakhulu". ph34r.gif

singenza njani ukubuyisa into ebaluleke kangaka, esizweni sakithi ikakhulu intsha. dry.gif

angigeqi magula ngalodaba ngithi kangidede inkundla keniphefumula zithandwa zami, iyangixaka futhi iyangicasula lendaba. mad.gif mad.gif



Sibusiso Mbokazi- 03-19-2008
Sawubona Sbosh nani malunga ahloniphekileyo, ngiyanibingelela ngokuzithoba okukhulu. Yebo dadewethu Sbosh wayibeka yacaca indaba ngezwa kuduma izindlebe zithi dum! dum! dum!

Isizwe sesishintshile akusafani nakudala lapho ingane zazi bingelela wonke umuntu emgwaqeni ngisho noma ungamazi uqala ukumbona. Esikhathini samanje sekugcwele indelelo abantwana babingelela abazali ngoheita! ohola! osure!

engingakusho ukuthi imfundiso iqala ekhaya ngakhoke uma ungafundisiwe ekhaya uzobonakala lapho ukuthi unhloboni kapende okanye ekhaya nikhiqiza muphi upende.

uyazi mina ngiguge ngingaka angikwazi ukuthi heita! kumuntu omdala ngivese ngibe namahloni ngishawe uvalo noma yena ebingelela ngawo lowo heita! ngivele ngithi sawubona.

ngakho ke ngiyanigqugquzela bazali futhi ngiyanincenga ukuthi nifundise ingane ukuzithoba nokuhlonipha.

nqina dlamini- 03-20-2008
Uma ngibingelela abantu besimame abalingana nami, abaningi basuke bacabange ukuthi ngifuna ukubeshela. Baphendula sengathi ba-uncomfortable, mhlawumbe nabanye abafowethu banokuyibona lento.

Sibusiso Mbokazi- 03-20-2008
QUOTE (nqina dlamini @ March 20, 2008 08:13 am)
Uma ngibingelela abantu besimame abalingana nami, abaningi basuke bacabange ukuthi ngifuna ukubeshela. Baphendula sengathi ba-uncomfortable, mhlawumbe nabanye abafowethu banokuyibona lento.

yebo Dlam's and Dlam's biggrin.gif odadewethu labo ngendlela abajwayele ukweshelwa ngayo hhayi! noma wendlula nje sebacabanga uthi uzoshela, noma ubingelela ngesihle umuntu sekacabanga uthi ho! naso ke isesheli sizoshela, angazi mina ukuthi kwakhala nyonini.

ngethembe uthi bazophawula oSbosh kanye noNobuhle basichazele ukuthi kudalwa yini lokho.


nobuhle- 03-20-2008
sanibonani bafowethu no dade-

Inzima indaba yokubingelela le injalo nje ilula futh i kudala uma ubingelela kwakuyinto enhle nethokozisayo, esikhathini samanje uma uzihambela nje uhlangane no Mbokazi emile no Mshengu uma ubabingelela bacabanga ukuthi usuyabafensa hhayi nami angisazi manje ingakho kwesinye isikhathi ngikhetha ukuthula

nqina dlamini- 03-20-2008
E! Wayishinsha lento uNobuhle.
Unqinisile kodwa, izinsizwa eziningi uma owesifazane e-smiler bathi HA! uyangifuna.

Sibusiso Mbokazi- 03-20-2008
QUOTE (nqina dlamini @ March 20, 2008 09:52 am)
E! Wayishinsha lento uNobuhle.
Unqinisile kodwa, izinsizwa eziningi uma owesifazane e-smiler bathi HA! uyangifuna.

kusobala ke manje ukuthi siyalingana ke, owesifazane uma emoyizela nathi sicabanga uthi uyasifuna kanjalo owesilisa uma ebingelela ngesihle owesifazane ucabanga ukuthi isikhathi sokweshelwa sesifikile.

sbosh- 03-28-2008
inkinga ukuthi sesenze into elula yabanzima, i- assumption yonke eqale lenkingatheka.

kepha ngisagcizelela, kubalulekile ukubingelelana, akugqizi qakala ukuthi umuntu engimubingelayo usala ecabangani ngami, ngimsulwa, angifuni lutho kuye bengimubingelela nje, qha!

ngiyazi ukuthi kwesinye isikhathi abazali bafundisa izingane zabo ukuthi zingakhulumi nabantu abangabazi ngenxa yesimo sezenhlalakahle sanamhlanje, abantu abadala (hhayi bonke) yibona abenza ukuthi izingane zingabahloniphi ngenxa yendlela esiziphatha ngayo, kudala bekuthi uma bethi hlonipha uYihlo noNyoko, bekungashiwo abakuzalayo kuphela, kepha bekukhulunywa ngabantu abadala basendaweni kanye nohlangana nabo. namhlanje thina bantu abadala siphuza phambi kwezingane, sibhema nabo kuningi engingakusho, kodwa ngithi izwe loniwe yithi ngokungazihloniphi manje kufanelwe libuyiswe yitthi futhi ngokuhloniphana, nokuthandana. tongue.gif tongue.gif

Forumer™ is Voted #1 Free Forum Hosting provider
Build your own community today with the largest message board hosting company.