Full Version : Ungathandana Yini Nomuntu Ongasebenzi
izn >>General discussion >>Ungathandana Yini Nomuntu Ongasebenzi


Sibusiso Mbokazi- 03-28-2008
naso! ke lesisihloko sibuya sishaya undingiliza. Ngithe ngiphenya kuphephandaba iSolezwe eliwela umfula ugcwele ngahlangana naso sangimema ukuba ngisifunde.

cha! kukhulunyiwe nezintokazi ukuzwa uvo lwazo mayela nalo loludaba.

babeka kanje:

a: yebo mina ngingathandana naye umuntu ongasebenzi ngaphansi kwemibandela ethi uzimisele ukuthola umsebenzi ngokuya kwesikhathi kodwa uma kungenjalo ngizomshiya phansi.

b: cha mina angeke ngizame nakuzama kwazise phela imina ozobe emondla ngazikhathi zonke okusho ukuthi zonke izinto zizobe zenziwa imina.

c. ungoti kwezothando nokuphathaphathana yena ubeke wathi, kuyimvelo ukuthi owesifazane anakekelwe ngowesilisa okusho ukuthi zonke izinto kumelwe zenziwe nguye owesilisa futhi abesifazane bayathanda ukuthengelwa izipho ezimba eqolo futhi ukunakekelwa kubenza bazizwe befunwa futhi bethandwa.

ngizozwa ngani ke ukuthi nithini.

Ciaa- 03-28-2008
mina ngingathandana naye. kepha soze ngamshada.
(lona-ke umbono wami)

---Ciaa.

nqina dlamini- 03-28-2008
Ciaa chabo uyindoda wena, bekufanele uthi "ukuba bengingowesimame ......"

Mina ngithi kunzima ukuba yindoda efunzwayo, impela wondliwe nje wena.
Lokhu kwehlukile ekutheni nashada nisebenza nobabili nase ninquma noma isimo saphoqa ukuthi indoda ingasebenzi, lokhu kuyezwakala.
Hawi ukuthi intokazi yabantu ivele isukele umahlalela.

Cha ngiyala mina.

Forumer™ is Voted #1 Free Forum Hosting provider
Build your own community today with the largest message board hosting company.